Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Inxeba lakho alinakuphulukiswa, nesilonda sakho sibuhlungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:12
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Ukhalelani ngokulimala kwakho ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.


Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa, lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.


Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho; umvimbo wakho unzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe, ngokuba ngubani ububi bakho obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ