Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikukhulule; noma ngiqeda zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, nokho angiyikukuqeda; kodwa ngizokukhuza ngokulinganisa futhi ngingakushiyi ungajeziswa ngokuphelele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:11
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”


Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.


Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi oluqinileyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.


Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


“Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”


“ ‘Kepha ngiyakushiya insali, nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.


Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.


Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.”


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ