Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho-ke, ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova; ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, athule, akakho omesabisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:10
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,


Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga.


“Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami, wena Israyeli engikukhethileyo.


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.


mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”


Noma kunjalo, uJehova uthi: “Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa, nempango yabacindezeli iyakophulwa, kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngisindise abantwana bakho.


“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”


Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’


Thwala wena ihlazo lakho, lokhu wathetha odadewenu; ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.


Uyakuthi: “Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha,


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.


Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.


“Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.


Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.


Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na? Ayikho inkosi kuwe, ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.


“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


“Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ