Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 3:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngempela, insindiso ithenjwa ize evela emagqumeni nasebuningini bezintaba; ngempela, ikuJehova uNkulunkulu wethu ukusindiswa kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 3:23
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo, kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.


Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.


Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, wena Nkulunkulu, Msindisi.


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”


Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na?


Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.


abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: ‘Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.’


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ