Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 “Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 3:22
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.


Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.


Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova; ‘angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa,’ usho uJehova; ‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.


Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.


“Uma uphenduka, Israyeli,” usho uJehova, “uyakuphendukela kimi; uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho, awuyikuntengantenga.


“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.


“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na? Mina ngiyakumphendula, ngimbheke; nginjengomsayipuresi* oluhlaza, kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


“Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ