Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 3:13
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wathi: ‘Kuyize; cha, ngithandile abafokazi, ngiyakubalandela.’


“Phakamisela amehlo akho emadulini angenalutho, ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


“ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.”


Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ