Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 27:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kepha nina ningabalaleli abaphrofethi benu, ababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyukuyikhonza inkosi yaseBhabhele,’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngakho ningalaleli abaprofethi benu, nabahlola imihlola, nabaphuphayo benu, nabathakathi benu, nabathakathi benu abakhuluma kini, bathi: ‘Aniyikukhonza inkosi yaseBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 27:9
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.


Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.


Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?


Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.


“Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.


Zase zifika izanusi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.


Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”


Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.


Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’


“Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.


UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.


nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ