Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 27:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 ukuthumele enkosini yakwa-Edomi, kweyakwaMowabi, enkosini nakubantu bakwa-Amoni, kweyaseThire neyaseSidoni, ngesandla sezithunywa ezifike eJerusalema kuZedekiya, inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uzithume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni, ngesandla sezithunywa eziza eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 27:3
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Yiba namahloni wena Sidoni, ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi: “Angibanga namihelo, angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.”


Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


uziyale ukuba zithi emakhosini azo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi:


Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:


“Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ