UJeremiya 27:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE22 ‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202022 ‘Iyakuyiswa eBhabhele, ihlale lapho, kuze kufike usuku engiyoyibuyisa ngalo, bese ngiyikhuphula, ngiyibuyisele kule ndawo,’ kusho uSimakade.” “Bese ngiyibuyisa ngiyilethe kule ndawo.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202422 Ziyakuthunjelwa eBabele, zibe khona kuze kube lusuku engizihambela ngalo,” usho uJehova; ngiyakubakhuphula, ngibabuyisele kule ndawo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.