Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 27:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 angazithathanga uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngesikhathi ethumba uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBhabhele, nezikhulu zonke zakwaJuda naseJerusalema,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 angawuthathanga uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ekuthumbeni kwakhe uJekoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, emyisa eBabele, nazo zonke izikhulu zakwaJuda naseJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 27:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.


Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.


yebo, usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngezitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi:


sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema,


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.


Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli;


Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ