Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 27:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyukuyikhonza inkosi yaseBhabhele,’ ngoba baphrofetha amanga kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho lingawalaleli amazwi abaprofethi abakhuluma kini besithi: Kaliyikukhonza inkosi yeBhabhiloni, ngoba baprofetha amanga kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 27:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.


Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha.


“Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’


Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofethi: “Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga, kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.


Baphi manje abaprofethi benu ababeprofetha kini ngokuthi: ‘Inkosi yaseBabele ayiyikunehlela nina naleli zwe,’ na?


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula; abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho. Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.


Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ