Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 26:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uprofetheleni egameni likaJehova, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yihlane elingenamuntu ohlala kulo? Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 26:9
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,


NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.


“Ningaprofethi,” baprofetha, basho njalo, “ningaprofethi ngalokho; ihlazo aliyikusifica.”


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane.


Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.”


Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu.


Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ