Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 26:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, ngenze lo muzi ube yisiqalekiso kuzo zonke izizwe zomhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 26:6
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”


Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.


Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ