Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 26:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya, ukuze bangamnikeli esandleni sabantu ukuba bambulale.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 26:24
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani abe ngumbusi.


Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:


UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.


UMikhaya indodana kaGemariya kaShafani wezwa onke amazwi kule ncwadi,


wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.


Zase zithi izikhulu kuBaruki: “Hamba ucashe, wena noJeremiya, kungazi muntu lapho nikhona.”


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.


Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*


kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,


Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ