Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 25:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 25:9
48 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.


Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela baba yisibonelo esibi, nesimangaliso, nento enximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


“Wo kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami, yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.


Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”


oshoyo ngoKoresi ukuthi: ‘Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.


Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova. “Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema, nakuzo zonke izingange zalo nxazonke, nakuyo yonke imizi yakwaJuda.


Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.


Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.


benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;


uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.


“IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu, kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Ziyakukwenyusela isixuku, zikukhande ngamatshe, zikuhlahlele ngezinkemba zazo.


“ ‘Uyinikele ukuphucuzwa ukuba ibanjwe ngesandla; yebo, isiloliwe inkemba, isiphucuziwe ukuba inikelwe esandleni sombulali.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.


yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? Asiyikufa; Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa.


Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, abulale njalo izizwe ngokunganqamukiyo, na?


Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ