UJeremiya 25:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 “Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20203 “Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 Kusukela ngomnyaka weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, okungumnyaka wamashumi amabili nantathu, izwi likaJehova lafika kimi, ngakhuluma kini, ngivuka ekuseni, ngalikhuluma; kodwa kalilalelanga. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.