Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 25:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 “Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kusukela ngomnyaka weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, okungumnyaka wamashumi amabili nantathu, izwi likaJehova lafika kimi, ngakhuluma kini, ngivuka ekuseni, ngalikhuluma; kodwa kalilalelanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 25:3
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: “Niyazi ukuthi iRamoti Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yase-Aramu.”


Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.


UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.


Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu, wathuma uShafani, indodana ka-Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi, umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.


UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba wahawukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;


“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;


Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: ‘Angizwa.’ Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.


UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe


niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,


ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo; yebo, kanilalelanga,” usho uJehova.


Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.


‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.


okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”


Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ