Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 23:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngabaprofethi. Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami, amathambo onke ami ayathuthumela; nginjengomuntu odakiweyo, njengomuntu owahlulwe yiwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inhliziyo yami yephukile phakathi kwami ngenxa yabaprofethi; onke amathambo ami ayathuthumela; Nginjengomuntu odakiwe futhi njengomuntu onqobile iwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 23:9
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi, nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo, esenhloko yesigodi esivundileyo sabanqotshwe yiwayini.


Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.


Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kungengewayini kodwa;


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


Kwathi lapho sezizwile onke amazwi, zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso, zathi kuBaruki: “Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.”


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Wangisuthisa ngokubabayo, wangigcwalisa ngomhlonyane.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ