Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bayakuthi: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Bayophendula ngalokho, bathi: ‘Kungokuba basishiyile isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bazakuthi: Kungokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza abanye onkulunkulu, babakhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.


uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano,


Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,


Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”


Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.”


Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.


Kuyakuba yihlazo, nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.


yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ