Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:5
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,


“Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Le ndlu ephakeme kangaka, yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Bayakuphendula bathi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.’ ”


engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,


AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?


Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga,


Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ