Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 uthi: ‘Yizwa izwi likaSimakade, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho, nabantu bakho abangena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngala masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:2
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina bantu abadelelayo, enibusa laba bantu baseJerusalema.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yehlela endlini yenkosi yakwaJuda, ukhulume khona leli zwi,


Ngokuba uma nenza lokhu impela, kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo.


Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


“ ‘Ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi:


Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’


Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ