Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: Bangaze bamkhalele bathi: Hawu, mfowethu! noma, O dadewethu! bangase bangabubuli ngaye bathi: “Awu, nkosi! noma: O inkazimulo yakhe!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:18
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


Wasibeka isidumbu ethuneni lakhe; bamlilela bathi: “Maye, mfowethu!”


UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.


Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.


UJehoyakimi wayeselala koyise; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;


“Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova lokuthi:


Ningakhaleli ofileyo, ningamlileli, kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo, ngokuba akasayikubuya, kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.


kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”


uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ