Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 “Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uyabusa, ngokuba uzimboze ngokhuni lomsedari na? Uyihlo akadlanga yini, anathe, enze ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:15
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.


Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.


Ezinye izindaba zikaJosiya, nezenzo zakhe ezinhle njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova,


Umusa neqiniso kuyalonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.


Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.


Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela, kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.


Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”


Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.


Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningoni, ningadluzuli abafokazi, nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.


Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ