Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe ngokungafanele, osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli, angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Maye kulowo owakha indlu yakhe ngobubi, namakamelo akhe ngobubi; osebenzisa umsebenzi womakhelwane wakhe ngaphandle kwenkokhelo futhi angamniki umsebenzi wakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yaseGibithe yabeka u-Eliyakimi umfowabo inkosi kwaJuda naseJerusalema, yaguqula igama lakhe labanguJehoyakimi. UNekho wathatha uJehowahazi umfowabo, wamyisa eGibithe.


UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,


Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!


Intendele efukamela ingazalanga, unjalo owenza ingcebo ngokungalungi; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


“ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.


enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,


“Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi!


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ