Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 22:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ningakhaleli ofileyo, ningamlileli, kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo, ngokuba akasayikubuya, kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni ngomunyu omukayo, ngokuba akasayikubuya, alibone izwe lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 22:10
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.


Inkosi yaseGibithe yabeka u-Eliyakimi umfowabo inkosi kwaJuda naseJerusalema, yaguqula igama lakhe labanguJehoyakimi. UNekho wathatha uJehowahazi umfowabo, wamyisa eGibithe.


Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,


Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,


abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.


Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”


“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’


ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”


Babe ngcono ababebulawa ngenkemba kunababebulawa ngendlala, ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.


“Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.


Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ