Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 21:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 “Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 21:13
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.


Basuka eSukoti; baya bamisa e-Etamu eceleni kwehlane.


Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’


Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu


Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.


Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla, nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu.


Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.


Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”


Amakhosi omhlaba ayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweni ukuthi abamelene nabo nezitha zabo babeyakungena emasangweni aseJerusalema.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.


uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu, abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ