Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 20:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngaphumelani esibelethweni ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi, nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngaphumelani esizalweni ukuze ngibone umshikashika nosizi, ukuba izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 20:18
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


“Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu emphefumulweni ukuphila;


ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.


Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni.


Wena uyakwazi ukuthukwa kwami, namahloni ami nokudunyazwa kwami; zonke izitha zami ziphambi kwakho.


Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda akukho okuphelele, ngamanxeba nje, nemivimbo, nemidwa emisha; akukhanywanga ubovu, akuboshwanga, akuthanjiswanga ngamafutha.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe.


Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.


Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ