Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 20:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayigumbuqela engazisoli, ezwe ukukhala ekuseni nokumemeza ngesikhathi sasemini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayichitha, engazisolanga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 20:16
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.


Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi ngasemizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni yasezingosini.


Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;


“Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,


nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;


nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ