Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 “Nganingenisa ezweni elinala, ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho ningena, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 2:7
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.


“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angenalutho, ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


“Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.


ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”


“Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.


Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.


isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.


Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ