Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 2:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Yebo, kumelwe uphume kuye, nezandla zakho zisekhanda lakho, ngoba uJehova ulahlile ithemba lakho, futhi ngeke uphumelele kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 2:37
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.


UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, niyakunyathelwa phansi yiso.


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.


Ngenxa yomhlabathi odabukileyo, ngokuba akubangakho mvula ezweni, abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.


Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.


“Khuphukela eLebanoni, ukhale; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale use-Abarimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.”


yona imyise uSedekiya eBabele, abe khona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?’ ”


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ