Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 2:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 “Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 2:31
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro wathi kuye: “Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na?” Wathi: “Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.”


U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi: “Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha, sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.”


Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu; izindebe zethu zinathi; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wathi: ‘Kuyize; cha, ngithandile abafokazi, ngiyakubalandela.’


Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;” kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’


Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi. Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.


Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.


“UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.


IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ