Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Manje, unani endleleni yaseGibithe ukuba niphuze amanzi aseSihori na? unani endleleni yase-Asiriya ukuba niphuze amanzi omfula na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 2:18
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize.


Emanzini amaningi imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula* yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.


Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.


Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.


Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahhashi nabantu abaningi. Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?


Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ