Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 19:3
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.


INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba.


Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,” kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;


“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’


“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”


ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ingozi! Ingozi inye nje! Bheka, iyeza.


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


UJehova wathi kuSamuweli: “Bheka, ngiyakwenza into kwa-Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ