Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 19:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 uthi kuwo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho ndawo yokumbela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 uthi kuwo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Ngiyakubaphihliza kanjalo laba bantu nalo muzi, njengokuphihlizwa kwesitsha sombumbi esingayukubuye sihlanganiseke; bayakumbelwa eThofethi, ngokuba akuyukuba bikho ndawo yokungcwaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi kumelwe uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti; Kanjalo ngiyakuphahlaza laba bantu nalo muzi njengokuchoboza umbumbi ongenakuphiliswa futhi; futhi bayolingcwaba eThofeti kuze kungasekho indawo yokungcwaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 19:11
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.


Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Ngiyakwenze njalo kule ndawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lo muzi ube njengeThofeti:


ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.


Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.


Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.


Lapho usuqedile ukuyifunda le ncwadi, uyakubopha itshe kuyo, uyiphonse e-Ewufrathe,


Amadodana anqabileyo aseSiyoni, elingene negolide elihle, yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!


yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ