Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 19:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Hamba uthenge uphiso lobumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abaphristi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Hamba uthabathe imbiza yebumba kumbumbi, uthathe emalungeni abantu nakumalunga abapristi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 19:1
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.


Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande* lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.”


Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi:


‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.


Amadodana anqabileyo aseSiyoni, elingene negolide elihle, yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!


“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi, iJerusalema,


“Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele yona njengempuco yomgundi, uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho, uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.


Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ