Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:20
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yebo, nenza inkatho ngentandane, nithengisa ngomngane wenu.


Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.


Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele.


Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.


Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo.


Izinyathelo zami bazibekele ugibe; umphefumulo wami ugobile; bembile igebe phambi kwami, kwakhalakathela bona kulo. Sela*


Umgodi uwumba, uwugubha, kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.


Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


Omba umgodi uyakuwela kuwo, nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.


Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.


“Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaNkulunkulu likubo, mabamnxuse uJehova Sebawoti, ukuba izitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBabele.


“Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.


“Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.


Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami.


UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ