Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 ukwenza izwe labo libe yihlane nomnyenyezo waphakade; wonke umuntu odlulayo uyoma ngokumangala anikine ikhanda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:16
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela baba yisibonelo esibi, nesimangaliso, nento enximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


Futhi ngaba yisihlamba kubona; bengibheka banikina amakhanda abo.


Bonke abangibonayo bayangiklolodela, baphukule imilomo, banikine amakhanda,


Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.


nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi: “Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”


“U-Edomi uyakuba yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.


Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.


IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.


Imizi yalo ichithekile; yizwe elomileyo, nehlane, izwe elingahlalwa muntu, kungadluli kulo indodana yomuntu.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


Abathengi phakathi kwabantu bayakuncimfela; usuyincithakalo; awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”


ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu,


Ngiyakuselulela kubo isandla sami, ngenze izwe libe yincithakalo nokuyize kunehlane laseDibila kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.


Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo,


Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;


uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise, kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.


nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ