Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “Ngakho-ke yisho manje kubo bonke abakwaJuda nakuzo izakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bhekani, nginibumbela inhlekelele, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Hamba manje, ukhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova; Bhekani, ngiceba okubi ngani, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:11
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”


“Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho bonke; uJehova ukhulumile okubi ngawe.”


Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.”


Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.


Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi:


lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


“Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”


“Uma uphenduka, Israyeli,” usho uJehova, “uyakuphendukela kimi; uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho, awuyikuntengantenga.


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.


Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni, nibaleke ningemi, ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho nokubhujiswa okukhulu.”


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.


Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,


Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?


kepha bambozwe ngendwangu yamasaka, umuntu nesilwane, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.


Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.


kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”


Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ