UJeremiya 17:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE26 Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202026 Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202426 Bayophuma emizini yakwaJuda nasezindaweni ezizungeze iJerusalema nasezweni lakwaBenjamini nasethafeni nasezintabeni naseningizimu, balethe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo neminikelo yempuphu nempepho nemihlatshelo yokudumisa endlini kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”