Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi, bona nezikhulu zabo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 kuyongena emasangweni alo muzi, amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, begibele ezinqoleni nasemahhashini, bona nezikhulu zabo, nabantu bonke bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, lo muzi uyakuba khona kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kuyakungena emasangweni alo muzi amakhosi nezikhulu ezihlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide ezigibela izinqola namahhashi, zona nezikhulu zazo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema; futhi lomuzi uyohlala kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:25
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”


UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.


uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngalawa masango.


Usho kanje uJehova, uthi: “Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.”


Ngokuba uma nenza lokhu impela, kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo.


lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli,


khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi, kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.


ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.


Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ