Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 nakuba bengalalelanga, bengayibekanga indlebe kepha bazenza lukhuni izintamo zabo, abalalelanga, futhi abakwemukelanga ukuqondiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa kabalalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa bayenza lukhuni intamo yabo ukuze bangezwa loba bemukele ukulaywa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:23
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?


nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,


ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!


Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo.


Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,


Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”


Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.


ngokuba balahla izahlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawona amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.


“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


ngathi kini: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kepha kanilalelanga izwi lami.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ