Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngosuku lwesabatha ningaphumi mthwalo ezindlini zenu, ningasebenzi msebenzi, kepha ningcwelise usuku lwesabatha, njengalokho ngabayala oyihlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:22
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.


“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,


Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.


Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ