Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Mabajabhe abangizingelayo, kepha mina mangingajabhi; mabeme bethukile, kepha mina mangingathuki; wehlisele phezu kwabo usuku olubi, ubabhubhise ngokuchitha kabili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:18
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.


Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.


Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Mabajabhe, bayangaze abafuna umphefumulo wami. Mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangifisela umonakalo.


Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade.


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.


Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ