Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ningangeni endlini yokulila, ningayi ukuyobakhalela, ningabakhalele; ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, usho uJehova, umusa nesihe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:5
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ