Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:18
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.


Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.


“Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo


ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova, “abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo.”


Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.


“Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo.


Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo, isho iNkosi uJehova.”


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ