Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:13
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.


ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na?


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.”


Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.


Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ