Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”


Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.


“Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.


Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’


ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,


kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,


Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;


Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ