Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle; Ngavele ngamwisa phezu kwalo futhi ukwesaba phezu komuzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadoda akho ayakuwa ngenkemba namaqhawe akho ngokulwa.


Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: “Siyakudla isinkwa sethu, sembathe izingubo zethu. Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”


Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:


Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.


Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.


“Khumbuzani izizwe; bhekani, nizwakalise eJerusalema ukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude; baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Siyizintandane, asinababa; omame banjengabafelokazi.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.


Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.


ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ