Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nina ningishiyile, usho uJehova, nibuyele emuva; ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikuchithe; Sengikhathele ukuphenduka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:6
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, lapha ingcosana, nalapho ingcosana, ukuze bahambe, bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.


AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.


Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.


Abahlakaniphileyo bayakujabha, besabe, babhajwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?


“ ‘Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli.


bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”


uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?


“Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema, nginqume insali kaBali kule ndawo, negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,


“Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ