Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 “Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:3
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini, ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.”


Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.


Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi, amanqe angakulo alihaqile nxazonke; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.


Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.


Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


“Uyakusho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.


nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.


Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ