Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 “Ngiyakukukhulula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabanonya.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngiyakukusindisa esandleni sababi, ngikukhulule esandleni sabanamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:21
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.


UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.


Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona, nesideleli siyakube singasekho, nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,


Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo, yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele namabele amakhosi; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Hlabelelani kuJehova, nimdumise uJehova, ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.


Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.


Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo, kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


“Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ